Ngokuba mkhulu uJehova , udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka ; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu ; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.
Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele ; uNkulunkulu ka - Israyeli nguyena owenzela abantu amandla nokuqina ; makadunyiswe uNkulunkulu.
Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?
UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele ; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.
Ngokuba mkhulu uJehova , udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.