Skip to Content

AmaHubo Chapter 76

1 UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli. 2 Itabernakele lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni. 3 Waphula lapho imicibisholo yomnsalo, nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela 4 Uyakhazimula ngobukhosi, lapho uvela ezintabeni zempango. 5 Bachithekile abaqinile ngenhliziyo , balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo. 6 Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi. 7 Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na? 8 Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula 9 mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele , asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela 10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca. 11 Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu . Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo. 12 Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.