AmaHubo Chapter 77
1
Izwi lami ngiyakuliphakam isela kuNkulunkulu , ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.
2
Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi ; ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali; umphefumulo wami wala ukududuzwa.
3
Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula ; ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela
4
Uzibambile izinkophe zamehlo ami , angavaleki; ngikhathazekile, angisakwazi ukukhuluma.
5
Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo, ngeminyaka yaphakade.
6
Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu , ngizindla enhliziyweni yami; nomoya wami uyahlolisisa.
7
INkosi iyakulahla kuze kube phakade na? Ayisenakuphinda ibe nomusa na?
8
Umusa wayo unqamukile njalo yini na ? Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
9
UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na ? Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela
10
Ngase ngithi : Yilokhu ukuhlupheka kwami , ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.
11
Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova , yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,
12
ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho.
13
Indlela yakho , Nkulunkulu, isebungcweleni; ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?
14
Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso ; amandla akho uwazisile ezizweni.
15
Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho , amadodana kaJakobe noJosefa. Sela
16
Amanzi akubona , Nkulunkulu, amanzi akubona , athuthumela, nezintwa zazamazama.
17
Amafu athela amanzi, izulu laduma, imicibisholo yakho yaphuma.
18
Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini ; imibani yakhanyisa izwe ; umhlaba wadikizela, wazamazama.
19
Indlela yakho yayiselwandle, nomendo wakho wawusemanzini amaningi , kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.
20
Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.