Skip to Content

AmaHubo Chapter 96

1 Hlabelelani kuJehova ihubo elisha, nihlabelele kuJehova, mhlaba wonke. 2 Hlabelelani kuJehova , nibonge igama lakhe , nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla. 3 Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe , izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke. 4 Ngokuba mkhulu uJehova , udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu. 5 Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe , kepha uJehova walenza izulu. 6 Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe ; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele. 7 Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu , mnikeni uJehova inkazimulo namandla. 8 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe , nilethe umnikelo , ningene emagcekeni akhe. 9 Khulekani kuJehova , nihlobe ubungcwele ; thuthumela ebusweni bakhe , mhlaba wonke. 10 Thanini phaka thi kwabezizwe : UJehova uyinkosi , izwe lihlala liqinile , lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho. 11 Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo. 12 Mawename amasimu nakho konke okukuwo, ijabule imithi yonke yehlathi 13 ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.