Skip to Content

AmaHubo Chapter 97

1 UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi. 2 Amafu nobumnyama kuyamphahla ; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi. 3 Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke. 4 Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele. 5 Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke. 6 Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe ; izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe. 7 Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo , abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu. 8 ISiyoni liyezwa, liyajabula; ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova. 9 Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke , uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke. 10 Nina enithanda uJehova zondani okubi ; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi. 11 Ukukhanya kuh lwanyelelwe olungileyo , ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho. 12 Jabulani kuJehova nina balungileyo, nibonge igama lakhe elingcwele.