UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu,
ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.
Qinani, nime isibindi , ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo , ngokuba uJehova u Nkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe ; akayikukuyeka, akushiye.
UJehova nguye ohamba phambi kwakho ; uyakuba nawe ; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.
Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakh e kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.
Ohamba ekupheleleni uyakusinda , kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.
Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula ; kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.
ohamba ngokwazana nabenza okubi, ahambisane nabantu ababi, na?
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga , okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlab a ukuba bahlale nami ; ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza.
obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya;
Ohamba ekhala izinyembezi , ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.
Umuntu omubi, umuntu wokona, nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,
Ohamba ngobuqotho uhamba ngoku londeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.
Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo , kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.
Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova, kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.
Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunophambene ngezindebe zakhe eyisiwula.
Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe , babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.
Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo ; ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.
Yena ohamba ngokulunga , okhuluma ngobuqotho , odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo , ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa nge gazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,
Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho , nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho , nokwembesa ohamba ze , lapho umbonayo , nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?
Wayesethi kubo uJesu : Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini . Hambani nise nokukhanya , ukuze ubumnyama bunganeh leli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi.
Kuyo ingelosi yebandla lase -Efesu loba ukuthi : Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene , ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi: