AmaHubo Chapter 101
1
Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela, ngikudumise wena Jehova.
2
Ngizakuqaphelisisa indlela en genacala. Uyakuza nini kimi na ? Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.
3
Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi ; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi.
4
Inhliziyo ephambeneyo iyakusuka kimi; omubi angiyikumazi.
5
Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda ; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.
6
Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlab a ukuba bahlale nami ; ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza.
7
Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami ; okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.
8
Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba , ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.