Skip to Content

"funani"

17 occurrences in ZUL

Funani uJehova namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalo.

Ngalokho emehlweni abo bonke abakwa -Israyeli, ibandla likaJehova , nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu funani nigcine yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba nidle leli zwe elihle , nilishiye libe yifa labantwana benu emva kwenu kuze kube phakade.

Kuwena othi: Funani ubuso bami, inhliziyo yami ithi: Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.

Funani uJehova namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalo.

Lapho bethi kini : Funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze pho , abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini ? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?

Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu , ayikho eyakuswela umngane wayo , ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile , nomoya wakhe okuhlanganisile.

Funani ukuthula komuzi lapho nginithumbele khona , niwukhulekele kuJehova, ngokuba ekuthuleni kwawo niyakuba nokuthula.

Funani uJehova , niphile, funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo, udle, kungekho owucimayo eBethele.

Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo, njengalokhu nisho.

Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlab a enisebenzile ukwahlulela kwakhe ; funani ukulunga ; funani ukuthobeka ; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.

Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe , khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.

Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.

Ngithi kini : Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa.

Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina.

Funani-ke phakathi kwe nu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi.

Ngokunjalo nani , lokhu nishisekele iziphiwo zomoya , funani ukuba n ibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla.

Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;