Skip to Content

AmaHubo Chapter 112

1 Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova , othokoza kakhulu ngemithetho yakhe. 2 Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni ; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa. 3 Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi phakade. 4 Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumny ameni: umusa, nobubele, nokulunga. 5 Umuntu omuhle nguye onomusa , otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga. 6 Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade ; olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade. 7 Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova. 8 Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi. 9 Uyaphana, uyabanika abampofu ; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo. 10 Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe , abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.