Skip to Content

AmaHubo Chapter 111

1 Haleluya! Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonk e emhlanganweni nasebandleni labaqotho. 2 Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo. 3 Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo, nokulunga kwakhe kumi phakade. 4 Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo; uJehova unomusa nobubele. 5 Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe. 6 Ubonisile abantu bakhe amandla emisebenzi yakh e ngokubapha ifa labezizwe. 7 Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela ; imithetho yonke yakhe iqinile; 8 imisiwe ngeqiniso nangobuqotho. 9 Wabathumela abantu bakhe ukukhululwa ; uyalezile isiv umelwano sakhe kuze kube phakade; lingcwele, liyesabeka igama lakhe. 10 Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha ; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.