Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi, nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.
Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu , bafana nomnsal o ogejayo ; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo . Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.
Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.
Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.
Ngalokho kuswelekile ukuwuthobela, kungabi kuphela ngenxa yolaka kodwa nangenxa kanembeza.
Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali , ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi ; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.