UHoseya Chapter 7
1
Lapho bengiyakumphulukisa u -Israyeli, bambulelwa ububi buka -Efrayimi nokubi kweSamariya , ngokuba benza inkohliso , amasela ayafohla , nabaphangi baphanga ngaphandle.
2
Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.
3
Ngobubi babo bayathokozisa inkosi, nezikhulu ngamanga abo.
4
Bayiziphingi bonke ; banjengeziko elishiswa ngumphekisinkw a oyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlama kuze kube sekubileni kwayo.
5
Ngosuku lwenkosi yeth u izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini ; yona yayiselulela izideleli isandla.
6
Lapho sebeshisile izinhliziyo zabo ngamacebo zibe njengeziko , umphekisinkwa wabo ulala ubusuku bonke ; ekuseni liyavutha njengomlilo wamalangabi.
7
Bonke bashisa njengeziko, badla abahluleli babo; onke amakhosi abo ayawa, kungekho phakathi kwabo ongibizayo.
8
U-Efrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu : u-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.
9
Abafokazi badlile amandla akhe , kepha yena akazi ; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.
10
Ukuzidla kuka -Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe , nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.
11
U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo ; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.
12
Lapho sebehamba , ngiyabenekela inetha lami , ngibehlise njengezinyoni zezulu, ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.
13
Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi ! Bengiyakubahlenga min a labo abakhulume amanga ngami na?
14
Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo , kepha bahhewula emibhedeni yabo ; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka.
15
Mina-ke ngafundisa, ngaqinisa izingalo zabo, nokho baceba okubi ngami.
16
Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu , bafana nomnsal o ogejayo ; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo . Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.