Skip to Content

"yokubonga"

6 occurrences in ZUL

Wayesethatha uHe zekiya, wathi: Senizahlukanisele uJehova ; sondelani, nilethe imihlatshelo neminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ibandla laletha imihlatshelo neminikelo yokubonga , nabo bonke abaqhutshwa yinhliziyo evumayo baletha iminikelo yokushiswa.

Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami ; ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.

Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.

Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa , nemihlatshelo, neminikelo yempuphu , nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova.

izwi lokujabula nezwi lokuthokoza , izwi lomyeni nezwi lomakoti , izwi labathi: Bongani uJehova Sebawoti , ngokuba uJehova muhle , ngokuba umusa wakhe umi phakade , nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe nje ngakuqala, usho uJehova.

Noma ninikela kimi ngeminikelo yen u yokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu, angiyenameli, futhi angibhek i iminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.