AmaHubo Chapter 56
1
Yiba nomusa kimi , Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwi nya; usuku lonke bayangicindezela belwa.
2
Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke ; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.
3
Mhla ngesabayo ngiyakwethemba wena.
4
KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe ; ngithemba uNkulunkulu , angiyikwesaba; inyama ingangenzani na?
5
Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke ; yonke imicabango yabo iqonde ukungona.
6
Bayabuthana, baqamekele, baqaphele izinyathelo zami , njengokuba beqamekela umphefumulo wami.
7
Bayakuphunyuka yini ebubini babo na ? Diliza izizwe ngentukuthelo , Nkulunkulu.
8
Ukuzula kwami ukubalile wena ; yetha izinyembezi zami egabheni lakho ; azikho encwadini yakho na?
9
Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo ; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.
10
KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi; kuJehova ngiyakulidumisa izwi.
11
Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?
12
Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami ; ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
13
Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufen i nezinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkul u ekukhanyeni kwabaphilayo.