Namabutho ambuza athi : Thina-ke, sizakwenzani na ? Wathi kuwo: Ningamuki muntu lutho ngendluzula , ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.
Manibe nhliziyonye ; ningazindli okuphakemeyo , kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali ; yaneliswani ngeninakho ; ngokuba yena ushilo wathi: Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,