KumaHeberu Chapter 13
1
Malume njalo uthando lobuzalwane.
2
Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.
3
Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.
4
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke , umbhede ungabi nasisihla , ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.
5
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali ; yaneliswani ngeninakho ; ngokuba yena ushilo wathi: Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,
6
ukuze sisho ngesibindi , sithi: INkosi ingumsizi wami , angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?
7
Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini , niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.
8
UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.
9
Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo ; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa , kungabi ngokudla , abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.
10
Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele.
11
Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu.
12
Ngakho-ke naye uJesu , ukuze angcwelise abantu n gegazi lakhe , wahlupheka ngaphandle kwesango.
13
Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu, sithwale ihlazo lakhe.
14
Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.
15
Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga , okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.
16
Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana , ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.
17
Lalelani abaniholayo , nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo , ukuze bakwenze lokhu ng okujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza. Isigcino
18
Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle , sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.
19
Ngiyaniyala kakhulu ukuba nenze lokho , ukuze ngibuyiselwe kini masinyane.
20
Kepha uNku lunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,
21
makaniphelelise kukho konke okuhle , ukuze nenze intando yakhe , esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu ; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade . Amen.
22
Ngiyaniyala, bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala , ngokuba nginilobele ngokufushane.
23
Yazini ukuthi umfowethu uThimothewu ukhululiwe ; uma efika masinyane, ngiyakunibona sinaye.
24
Khonzani kubo bonke abaniholayo nakubo bonke abangcwele. Abase-Italiya bayakhonza kini.
25
Umusa mawube nani nonke. Amen.