EkaJakobe Chapter 1
1
UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu , uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo. Ukuyala ngezilingo
2
Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa,
3
nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.
4
Kepha ukukhuthazela makube nomsebenzi opheleleyo , ukuze nibe ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli lutho.
5
Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha , makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.
6
Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho ; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.
7
Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi,
8
umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.
9
Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe,
10
kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bak he, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.
11
Ngokuba ilanga liphuma libalele , libunisa utshani , imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale ; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.
12
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni ; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
13
Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi : Ngiyengwa nguNkulunkulu , ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.
14
Kepha yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa;
15
uma inkanuko isithathile , ibeletha isono ; nesono sesiphelelisiwe , sizala ukufa.
16
Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo.
17
Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu , zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
18
Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso , ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe. Ukuyala ngokukholwa okunezenzo
19
Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo . Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;
20
ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu.
21
Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo , namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
22
Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
23
Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo , lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni;
24
ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani.
25
Kepha obukisisa emth ethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo , engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
26
Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa , engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.
27
Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.