Wahlela izinkwa phezu kwalo phambi kukaJehova , njengalokho uJehova emyalile uMose.
Wahlela izinkuni, wayihlahlela inkunzi, wayibeka phezu kwezinkuni.
UDavide watshelwa , wabutha wonke u -Israyeli, wawela iJordani , wawafikela, wahlela impi ukulwa nawo . UDavide esehlelile impi ukulwa nama-Aramu, alwa naye.
U-Abiya waqala ukulwa enempi yamaqhawe anamandla , abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu amane , kepha uJerobowamu wahlela ukulwa naye enabantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili , bengamaqhawe anamandla.