Skip to Content

"ubeni"

18 occurrences in ZUL

UBeni Hadadi wayilalela inkosi u -Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali.

UBeni Hadadi inkosi yase -Aramu wabutha yonke impi yakhe ; wayenamakhosi angamashumi amathathu nambili , namahhashi, nezinqola; wenyuka, wavimbezela iSamariya, walwa nalo,

wathi kuye : Usho kanje uBeni Hada di, uthi: Isiliva lakho negolide lakho lingelami, nawomkakho nabantwana bakho abahle bangabami.

Kepha izithunywa zabuya , zathi: Usho kanj e uBeni Hadadi , uthi: Ngathumela kuwe , ngathi: Uyakunikela kimi isiliva lakho negolide lakho , nawomkakho, nabantwana bakho,

UBeni Hadadi wayesethumela kuye , wathi: Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe nokhweshe.

Baphuma emini . Kepha uBeni Hadadi wayephuza waze wadakwa emadokodweni, yena namakhosi, amakhosi angamashumi amathathu nambili amsizayo.

Izinsizwa zezikhulu zezifunda zaphuma kuqala ; uBeni Hadadi wathumela , bamtshela ukuthi kuphume abantu eSamariya.

Babulala, kwaba yilowo nalowo umuntu wakhe ; ama-Aramu abaleka , u- Israyeli wawaxosha ; uBeni Hadadi inkosi yama -Aramu waphunyuka ngehhashi kanye nabamahhashi.

Kwathi emva komnyaka uBeni Hadadi wabala ama -Aramu, wenyukela e - Afeki ukuba alwe no-Israyeli.

Abaseleyo babalekela emzini wase-Afeki; ugange lwawela phezu kwabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa abaseleyo . Naye uBeni Hadadi wabaleka, wangena emzini amakamelo ngamakamelo.

Zase zibhinca izindw angu zamasaka ezinkalweni zazo , nezintambo emakhanda azo, zaya enkosini yakwa-Israyeli, zathi: Ithi inceku yakho uBeni Hadadi: Ake ungiyeke , ngiphile. Yayisithi: Usekhona na ? Ungumfowethu yena.

Amadoda aqaphela lokho , ashesha ukuqinisa okuvela kuye , athi: Ngumfowenu uBeni Hadadi . Wathi: Hambani, nimlande. UBeni Hadadi wayesephumela kuye; wamkhwelisa inqola yakhe.

UBeni Hadadi wayesethi kuye : Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisa, uzenzele izitaladi eDamaseku njengokwenza kukababa eSamariya. U-Ahabi wathi : Ngalesi sivumelwano ngiyakukuvumela ukuba uhambe. Wayesenza isivumelwano naye, wamvumela ukuba ahambe. U-Ahabi usolwa ngumprofethi

Kwathi emva kwalokho uBeni Hadadi , inkosi yase-Aramu, wabutha yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya.

Wayesefika u-Elisha eDamaseku; uBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wayegula; watshelwa ukuthi: Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.

Wayesehamba uHazayeli ukumhlangabeza , wazithathela ngesandla sakhe izipho ezintweni zonke ezinhle zaseDa maseku, imithwalo yamakamela angamashumi amane, weza wema phambi kwakhe , wathi: Indodana yakho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithumile kuwe ngokuthi: Ngiyakusinda kulesi sifo na?

UHazayeli inkosi yase -Aramu wafa ; uBeni Hadadi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

UBeni Hadadi wayilalela inkosi u -Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa -Israyeli; zanqoba i -Ijoni, neDani, ne-Abela Mayimi, nayo yonke imizi yokubekelela yakwaNafetali.