UJehova wadlula phambi kwakhe , wamemeza wathi : NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,
ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa ; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona.
Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuz o uyibuthela onomusa kwabampofu.
benqaba ukulalela , abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo , kepha benza lukhuni izi ntamo zabo , nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo ; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo , onomusa nesihe ; wephuza u kuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.
Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga , awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.
Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.
Umuntu omuhle nguye onomusa , otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga.
Owesifazane onomusa uzuza udumo, nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.
Odelela umakhelwane wakhe uyona , kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.
Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe , kepha onomusa koswelayo uyamdumisa.
Onomusa kompofu utshe leka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.
Abayikulamba, abayikoma, abayikushaywa yisifudumezi nelanga, ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola, abayise emithonjeni yamanzi.
Wakhuleka kuJehova , wathi: Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na ? Ngalokho ngak wandulela ngokubalekela eTharishishi , ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene , wephuza ukuthukuthela , unesihe esikhulu , uzisola ngokubi;