Skip to Content

UJona Chapter 4

1 Kepha lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela. 2 Wakhuleka kuJehova , wathi: Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na ? Ngalokho ngak wandulela ngokubalekela eTharishishi , ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene , wephuza ukuthukuthela , unesihe esikhulu , uzisola ngokubi; 3 ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila. 4 Wayesethi uJehova: Wenza kahle ngokuthukuthela na? 5 UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona , wahlala phansi kwalo emthunzini , ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi. 6 UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva , wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu. 7 Kepha sekuzakuvela ukusa ngangomuso uNkulunkulu walungisela impehlwa; yawuphehla umhlakuva, wabuna. 8 Kwathi ekup humeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona , waba nesiyezi , wazicelela ukuba afe, wathi: Kungcono kimi ukufa kunokuphila. 9 Wayesethi uNkulunkulu kuJona : Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na? Wathi: Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube sekufeni. 10 Wayesethi uJehova : Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga , owamila ebusuku bunye , wabhubha ebusuku bunye; 11 mina-ke bengingayikulihawukela iNineve , umuzi omkhulu , okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?