UJona Chapter 3
1
Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi:
2
Suka uye eNineve , umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.
3
Wayesesuka uJona , waya eNineve njengezwi likaJehova . INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu.
4
UJona waqala ukungena emzini , uhambo losuku lwaba lunye , wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.
5
Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamas aka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.
6
Kepha izwi lafinyelela enkosini yaseNineve ; yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo , yazimboza ngendwangu yamasaka , yahlala phansi emlotheni.
7
Yamemezela, yasho eNineve ngomthetho we nkosi nabakhulu bayo , yathi: Makungabikho muntu onambitha utho , nasilwane, nankomo, namvu, bangadli, bangaphuzi manzi,
8
kepha bambozwe ngendwangu yamasaka , umuntu nesilwane , kukhalwe kuNkulunkulu ngamandla, yebo, kubuyiswe yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obusezandleni zakhe.
9
Ngubani owaziyo uma uNkulunkulu engayikubuya , azisole, abuye ekufutheni kwentukuthelo yakhe, size singabhubhi, na?
10
Lapho uNkulunkulu esebona izenzo zabo ukuthi babuya endleleni yabo embi, uNkulunkulu wazisola ngokubi owayeshilo ukuthi uyakukwenza kubo , akakwenzanga.