Abantu bakwa -Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka , bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGayi nasemasangweni ase -Ekroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGati nase- Ekroni.
Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni , yakhuluma kubo , abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama -Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo ; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda;
Abantwana bakwa -Israyeli nabakwaJuda ababehlala emizini yakwaJuda baletha nabo okweshumi kwezinkabi nezimv u nokweshumi kwezinto ezingcwele ezazingcweliselwe uJehova uNkulunkulu wabo , bakubeka izinqwaba ngezinqwaba.