"kwezilwane"
8 occurrences in ZUL
UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni : Njengokuba usukwenzile lo kho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho.
Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba , naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu , naphezu kwakho konke okunwabuzelayo em hlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu.
Yeka, ukububula kwezilwane ! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile , ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.
Ngiyakukulahla ehlane , wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho , uwe ebusweni bomhlabathi ; awuyikubuthwa, ulandwe; ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba nokwezinyoni zezulu.
Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe , phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini , njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu , elithi lapho lidabula , linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo.