UHezekeli Chapter 29
1
Ngomnyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi nambili lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
2
Ndodana yomuntu , bhekisa ubuso bakho kuFaro inkosi yaseGibithe , uprofethe ngaye nangalo lonke iGibithe,
3
ukhulume uthi : Isho kanje iNk osi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibithe, drako omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakho uthi: Umfula ungowami, mina ngiwenzile.
4
Ngiyakufaka izindobo emihlathini yakho, nginamathelise izinhlanzi zemifula yakho ezingcwecweni zakh o, ngikukhuphule phakathi kwemifula yakh o kanye nazo zonke izinhlanzi zemifula yakh o ezinamathela ezingcwecweni zakho.
5
Ngiyakukulahla ehlane , wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho , uwe ebusweni bomhlabathi ; awuyikubuthwa, ulandwe; ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba nokwezinyoni zezulu.
6
Bonke abakhileyo eGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova , ngokuba bebeludondolo lohlanga kuyo indlu yakwa-Israyeli.
7
Lapho bekubamba ngesandla , uyaphuka, uklebhula zonke izinhlangothi zabo; nalapho bencika k uwe, uyaphuka, untengantengise zonke izinkalo zabo.
8
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho inkemba, nginqume kuwe abantu nezilwane.
9
Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane , bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: Umfula ungowami, mina ngiwenzile.
10
Bheka, ngalokho ngimelene nawe nemifula yakho ; ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yihlane lamahlane nencithakalo , kusukela eMigidoli kuze kube seSevene, kuze kube semkhawulweni waseKushe.
11
Akuyikudabula kulo uny awo lomuntu , akuyikudabula kulo unyawo lwesilwane, aliyikuhlalwa iminyaka engamashumi amane.
12
Ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo phakathi kwamazwe ayincithakalo, imizi yalo phakathi kwemizi echithekileyo ibe yincithakalo iminyaka engamashumi a mane, ngihlakazele abaseGibithe ezizweni , ngibasabalalisele emazweni.
13
Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane ngiyakubabutha abaseGibithe kubantu abahlakazekele kubo,
14
ngibuyise ukuthunjwa kwaseGibithe , ngibabuyisele ezweni lasePhatirosi , izwe lokudabuka kwabo, babe ngumbuso ophansi khona.
15
Liyakuba phansi emibusweni , alisayikuziphakamisa phezu kwezizwe ; futhi ngizakubanciphisa ukuba bangabusi izizwe.
16
Alisayikuba yithemba kuyo indlu yakwa -Israyeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.
17
Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
18
Ndodana yomuntu, uNebukadinesari inkosi yaseBabele waseb enzisa impi yakhe umsebenzi omkhulu ngeTire ; onke amakhanda aphuculwa , onke amahlombe acothulwa, nokho yena nempi yakhe babengenankokhelo evela eTire ngomsebenzi abalenzela wona.
19
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngizakunika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , izwe laseGibithe ; uyakuyisusa ingcebo yalo, aphange impango yalo, agcugce ingcugco yalo, kube yinkokhelo yempi yakhe.
20
Ngiyamnika izwe laseGibithe ngomsebenzi owakhonza ngawo , abawenza kimi, isho iNkosi uJehova.
21
Ngalolo suku ngiya kuhlumisa uphondo endlini ka -Israyeli, ngikuvumele ukuba uvule umlomo phakathi kwabo, bazi ukuthi nginguJehova.