Skip to Content

UHabakuki Chapter 2

1 Ngiyakuma endaweni yami yokulinda , ngigcule enqabeni , ngikhangele ukubona ukuthi uyakukhulumani kimi nokuthi ngiyakuphendulani ngokusola kwami. 2 UJehova wangiphendula wathi : Wulobe umbono , uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula. 3 Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo ; uphuthuma ekupheleni , awuyikukhohlisa; noma ulibala , wulindele, ngokuba uyakufika nokufika , awuyikwephuza. 4 Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile , awuqotho phakathi kwakhe , kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe. 5 Yebo, iwayini liyakhohlisa , lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma , owandisa ukufisa kwakhe njengendawo ya bafileyo; unjengokufa: akasuthi; uyazibuthela zonke izizwe, uziqoqela bonke abantu. 6 Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye , bathi: Wo kuyena owandisa okungesikho okwakh e koze kube nini na ? -- nozisindisa ngezibambiso! 7 Abayikuvuka ngokuz umayo abakulumayo , bavuke abakuthuthumelisayo , ube yimpango yabo, na? 8 Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi , bonke abanye abantu bayakuphanga wena, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo. 9 Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo emb i ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi! 10 Ucebele indlu yakho okubi ngokuchitha abantu abaningi , wona kuwo umphefumulo wakho. 11 Ngokuba amatshe ayakukhala esodongeni, nomshayo uyakuwaphendula usemithini. 12 Wo kowakha umuzi ngezingazi, aqinise idolobha ngobubi! 13 Bheka, akuveli kuJehova Sebawot i ukuthi abantu bakhandlekela umlilo , izizwe zizikhathaze ngokuyize, na? 14 Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle. 15 Wo komphuzisa umngane wakhe , axube nokufutheka , amdakise, ukuze abuke ubunqunu bakhe! 16 Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo , uphuze nawe , wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho. 17 Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela , ukuchithwa kwezilwane kukwesabise , ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo. 18 Sisizani isithombe esibaziweyo, lokhu umbumbi waso esibaza , nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga , lokhu umbumbi waso ethemba kuso , ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na? 19 Wo koshoyo kumuthi ukuthi : Vuka! nakulo itshe eliyisimungulu: Phaphama! Lokhu kungafundisa na ? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho. 20 Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele ; thula phambi kwakhe , mhlaba wonke.