Skip to Content

"kwesihlalo"

26 occurrences in ZUL

Uyakwenza amakherubi amabili ngegolide , uwenze ngomsebenzi okhandiweyo ekugcineni kwesihlalo somusa nxazombili,

Ngiyakuhlangana nawe khona , ngikhulume nawe , ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi , ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa - Israyeli. Itafula lesinkwa sokubukwa

Ulibeke phambi kwesihenqo esingasemphongolweni wobufakazi , ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu kobufakazi , lapho ngiyakuhlangana khona nawe.

Wawenza amakherubi amabili ngegolide , wawenza ngomsebenzi okhandiweyo ekugcineni kwesihlalo somusa nxazombili,

UJehova wathi kuMose : Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo , ukuze angafi , ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.

athabathe kulo igazi lenkunzi , afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe , nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe.

Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo , enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,

Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye , wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi omabili; wayesekhuluma kuye.

Eceleni kwabo kwalungisa uMelathiya waseGibeyoni , noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa , phansi kwesihlalo sombusi phesheya koMfula.

Kwathi uGaliyu engumbusi wase -Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela,

Khona bonke bambamba uSostene umphathi wesinagoge, bamshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela; kodwa uGaliyu akaze anaka lutho lwalokho.

UPawulu wayesethi : Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari , lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona . Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.

Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na ? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na ? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu.

Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu , ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi. Ubukhulu benkonzo yokubuyisana

UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase -Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo , nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,

Masinyane ngaba kuMoya . Bheka, isihlalo sobukhosi sasimi ezulwini nohlezi phezu kwesihlalo sobukhosi;

Nasesihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani , namazwi, nokuduma; nezibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi , ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu;

nangaphambi kwesihlalo sobukhosi kukhona okunjengolwandle l wengilazi lufana nekristalu , nangaphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine zigcwele amehlo ngaphambili nangasemuva.

amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwakhe ohlezi esihlalweni sobukhosi , akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, aphonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:

Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe , linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.

Emva kwalokho ngabona , bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe , nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu , sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,

Nezingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi namalunga nezidalwa ezine zawa phansi ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi , zakhuleka kuNkulunkulu, zathi:

Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe , nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumi sa itabernakele phezu kwabo.

Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.

Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi , naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.

Ngabona abafileyo , abakhulu nabancane , bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa ; nenye incwadi yavulwa , ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.