Wayesethi uJehova : Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo , ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;
Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile; ngikhiphe ezinhluphekweni zami.
Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho , ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;
Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi , ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.
Ngokuba kuyabongeka lokho , uma umuntu ngenxa kanembeza ngakuNkulunkulu ethwala izinsizi, ehlushwa ngokungafanele.