Izigodi zonke ziyakugqitshwa , zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezilelezekile;
Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni , ibhuqe izigodi emva kwakho , na?
Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona.
Kwathi izigodi zakho ezikhethek ileyo zagcwala izinqola , nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.
Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa , zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa , nemigoxigoxi iyakuba yithafa.
Nina zintaba zakwa -Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma , kuyo imifula yamanzi nakuzo izigodi , lithi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba , ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo.
Ngiyakubeka inyama yakho ezintabeni , ngigcwalise izigodi ngezidumbu zakho.
ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izi ndawo ezichithekileyo , nakuyo imizi eshiyiweyo , osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke,
ngalokho profetha ngezwe lakwa -Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami , ngokuba nithwele ihlazo labezizwe.