Skip to Content

UJobe Chapter 39

1 Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo , uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na? 2 Ungazibala izinyanga eziziqedayo, uyasazi isikhathi ezizala ngaso, na? 3 Ziyakhonkobala, zizala amazinyane azo, zikhiphe okwemihlelo yazo. 4 Amazinyane azo aqina , akhulela endle; ayahamba, angabe esabuyela kuzo futhi. 5 Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe ; ngubani owathukulula izintambo zayo, 6 engenza ihlane libe yindlu yayo , nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na? 7 Ihleka umsindo wedolobha, ingezwa ukumemeza komshayeli. 8 Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo: ifuna zonke izinto eziluhlaza. 9 Inyathi iyakuthanda ukukhonza, ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na? 10 Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni , ibhuqe izigodi emva kwakho , na? 11 Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu , ushiye umshikashika wakho kuyo, na? 12 Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho , iyibuthele esibuyeni sakho, na? 13 Amaphiko entshe ayaphaphaza , kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na? 14 Ngokuba iyashiya amaqanda ayo emhlabathini, iwafudumeze othulini. 15 Iyakhohlwa ukuthi unyawo lungawachoboz a nokuthi isilwane sasendle singawanyathela. 16 Iphatha kalukhuni amazinyane ayo, kungathi awasiwo awayo; ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize. 17 Ngokuba uNkulunkulu wayenza ukuba ikhohlwe ukuhlakanipha , akayabelanga ukuqonda. 18 Lapho indizela phezulu, ihleka amahhashi nabagibeli bawo. 19 Nguwe onika ihhashi amandla alo, wembathisile intamo yalo umhlwenga oyephuzelayo, na? 20 Ulenze ukuba lixhume njengenkumbi na ? Indumo yokuthimula kwalo iyesabeka. 21 Liyaphanda ezigodini , liyesasa ngamandla alo , liyaphuma ukuhlangana nezimpi. 22 Liyahleka ingebhe, alesabi, alibuyi phambi kwenkemba. 23 Isambo siyalikhehlezela nomkhonto okhazimulayo, nengcula. 24 Ngolaka lwalo nangokufutheka kwalo liyagwinya umhlabathi ; alimi ngokukhala kwecilongo. 25 Ekuzwakaleni kwecilongo lithi : Nakho-ke; lihogela ukulwa kusekude , nendumo yezinduna nokumemeza kwazo. 26 Uklebe uyandiza ngokuqonda kwakho , awelulele ngaseningizimu amaphiko akhe, na? 27 Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho , lwakhe isidleke salo phezulu , na? 28 Luhlala esiweni, lwakha khona, eweni ledwala eliyinqaba yalo. 29 Lulapho luhlola ukudla kwalo; amehlo alo akubona kusekude. 30 Amazinyane alo amunca igazi ; lapho kukhona abagwaziweyo , lukhona nalo.