Skip to Content

UJobe Chapter 40

1 UJehova wayesemphendula uJobe, wathi: 2 Osolayo uyakuphikisana noSomandla na ? Omkhuza uNkulunkulu makaphendule. 3 UJobe wamphendula uJehova, wathi: 4 Bheka, angiyinto yalutho ; ngingakuphendula ngokuthini na ? Ngibeka isandla sami emlonyeni wami. 5 Ngikhulumile kanye, angisayikuphendula, yebo, kabili, kepha angiqhubeki. 6 UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi: 7 Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise. 8 Imbala uyachitha ukwahlulela kwami , ungilahle ukuba ube ngolungileyo , na? 9 Unengalo njengoNkulunkulu, ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na? 10 Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama, wembathe udumo nenkazimulo. 11 Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho , ubheke bonke abazidlayo , ubathobise. 12 Bheka bonke abaziphakamisayo , ubehlise phansi , unyathele ababi ezindaweni zabo. 13 Bafihle othulini kanyekanye, ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo. 14 Khona ngiyakukudumisa nam i ngokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa. 15 Ake ubheke uBehemoti engamenza kanye nawe ; uyadla utshani njengenkabi. 16 Bheka-ke, amandla akhe asezinkalweni zakhe , nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe. 17 Uqinisa umsila wakhe njengomsedari; imisipha yamathanga akhe yalukene. 18 Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi ; izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi. 19 Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu; ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe. 20 Izintaba ziyamvezela ukudla, lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle. 21 Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunz i ekusitheni kwemihlanga nasemaxhaphozini. 22 Izihlahla ezinomthunzi ziyamsibekela ngomthunzi wazo ; iminyezane yasemfuleni iyamphahla. 23 Bheka, noma kuphuphuma umfula , akethuki; uyaqalaba, noma iJordani ligijigijimela emlonyeni wakhe. 24 Angabanjwa ebhekile, liqhunjuzelwe ikhala lakhe umkhala, na?