Skip to Content

"ababemi"

14 occurrences in ZUL

Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi : Phumisani kimi abantu bonke . Kwakungemi muntu naye , uJosefa esazazisa kubafowabo.

Zahlangana noMose no -Aroni ababemi khona ukuzihlangabeza zisaphuma kuFaro.

Kepha yena wabuya endaweni yezithombe ezibaziweyo engaseGiligali , wathi: Nginendaba eyisifuba kuwe nkosi. Wathi: Thulani. Base bephuma bonke ababemi ngakuye.

UJowashi wathi kubo bonke ababemi ngakuye : Niyakumlwela uBali , nimsindise yena, na? Oyakumlwela uBali, makabulawe kusasa ekuseni ; uma engunkulunkulu, makazilwele yena , lokhu kukhona olibhidlizile i -altare lakhe.

Ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi kuye bathi kuye : Ungesabi, ngokuba ubelethe indodana . Kepha akaphendulanga , akakunakanga.

UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye , wathi: Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti , asuse ihlazo kwa -Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?

Yilaba ababemi namadodana abo : kumadodana amaKohati : nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli kaSamuweli

Kepha umprofethi uJeremiya wathi kumprofethi uHananiya phambi kwabapristi, nabantu bonke ababemi endaweni kaJehova,

Ayesephendula uJeremiya onke amadoda ayekwazi ukuthi omkawo bashisela abanye onkulunkulu impepho nabo bonke abesifazane ababemi khona, ibandla elikhulu , bonke abantu ababehlala ezweni laseGibithe ePhatirosi; bathi:

Emva kwesikhashana ababemi khona basondela , bathi kuPetru : Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.

Kepha waphinda waphika. Emva kwesikhashana futhi ababemi khona bathi kuPetru: Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.

Ngakho abantu ababemi bezwa bathi : Beliduma; abanye bathi : Ingelosi ikhulume kuye.

Kepha umpristi omkhulu u -Ananiya wayala ababemi khona ukuba bamshaye umlomo.

Ababemi khona base bethi: Uthuka umpristi omkhulu kaNkulunkulu na?