Skip to Content

UHezekeli Chapter 25

1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 Ndodana yomuntu , bhekisa ubuso bakho kwabakwa -Amoni, uprofethe ngabo, 3 uthi kubantwana bakwa -Amoni: Zwanini izwi leNkosi uJehova ; isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba wathi ashila ngendlu yami engcwele lapho yangcoliswa, nangezwe lapho lachithwa , nangendlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni, 4 bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga , ube yifa labo , bamise amakamu abo phakathi kwakho , babeke amakhaya ab o kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho. 5 Ngiyakwenza iRaba libe yindawo yokuhlala amakamela , abantwana bakwa- Amoni babe yindawo yokubuthisa kwezimvu, nazi ukuthi nginguJehova. 6 Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba ushaye ihlombe , wadubhuza ngezinyawo , wathokozela izwe lakwa -Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni, 7 bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe , ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe , ngikunqume kubantu , ngikuchithe emazweni , ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova. 8 Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenxa yokuba oMowabi noSeyiri besho ukuthi: Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke izizwe, 9 bheka, ngalokho ngiyakuvula umthambeka kaMowabi angabe esaba nemizi , kusukela emizini yasemikhawulweni, ubukhosi bezwe: iBeti Jeshimoti, neBali Mehoni, neKiriyatayimi, 10 ngiwunike abasempumalanga kanye nabantwana bakwa -Amoni, ube yifa labo, ukuze abantwana bakwa -Amoni bangabe besakhunjulwa phakathi kwezizwe, 11 ngenze ukwahlulela kuMowabi, bazi ukuthi nginguJehova. 12 Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenxa yokuba u -Edomi ephathe indlu yakwaJuda ngokuphindisela, wacunula nokucunula, waziphindisela kubo, 13 ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku - Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane , ngimenze ize kusukela eThemani , bawe ngenkemba kuze kube seDedani. 14 Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka -Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova. 15 Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenxa yokuba amaFilisti enze impindiselo, ephindisele nokuphindisela ngamafundululu emphefumulweni ukuchitha ngobutha obungapheliyo, 16 ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti , nginqume amaKhereti , ngichithe insali yasogwini lolwandle. 17 Ngiyakwenza impindiselo enkulu kubo ngezijeziso ezifuthayo , bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka impindiselo yami kubo.