Skip to Content

UHezekeli Chapter 24

1 Izwi likaJehova lafika kimi ngomnyaka wesishiyagalolunye , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, lathi: 2 Ndodana yomuntu, zilobele igama losuku, lona lolo suku; inkosi yaseBabele ihlasele iJerusalema ngalolu suku. 3 Fanekisa ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Beka ikhanzi, libeke, uthele amanzi kulo, 4 uqoqele kulo izinqamu zalo , zonke izinqamu ezinhle , ithanga n ehlombe, uligcwalise ngamathambo akhethekileyo. 5 Thatha okukhethekileyo komhlambi , ubungele izinkuni phansi kwalo , ulibilise nokulibilisa, kuphekwe namathambo phakathi kwalo. 6 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Maye kumuzi wezingazi , kulo ikhanzi elinokugqwala, nokugqwala kwalo kungaphumanga kulo ! Khipha kulo izinqamu ngezinqamu; alidliwanga yinkatho. 7 Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo ; wazibeka edwaleni eliyinyabule; akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli. 8 Ukuze kuvuswe ukufutheka kube yimpindiselo , ngabeka izingazi zawo edwaleni eliyinyabule ukuba zingasitshekelwa. 9 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Maye kumuzi wezingazi ! Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni. 10 Fumbela izinkuni , ukhwezele umlilo , uqede inyama, wome umhluzi, amathambo ashiswe. 11 Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho, ukuze lishise, kushe ithusi lalo, kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwal o ukuba kuqedwe ukugqwala kwalo. 12 Ngizikhathazile ngeze , nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphumanga kulo; ukugqwala kwalo kumelwe kube semlilweni. 13 Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho , ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe. 14 Mina Jehova ngikukhulumile; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyikuyekela, angiyikuhawukela, angiyikuzisola; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nezenzo zakho, isho iNkosi uJehova. 15 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 16 Ndodana yomuntu , bheka, ngiyasusa okunxanelekayo emehlweni akho ngesishayo, kepha awuyikudabuka , awuyikukhala, nezinyembezi aziyikwehla. 17 Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho , ungambozi amadevu akho , ungadli isinkwa sabantu. 18 Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kusihlwa wafa umkami; kusasa ngenza njengalokho ngiyaliwe. 19 Abantu bathi kimi : Ungesitshele yini ukuthi lezi zinto ziyini kithina , njengokuba wenze njalo, na? 20 Ngathi kubo: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 21 Yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu , okuhawukelwa ngumphefumulo wenu ; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba. 22 Niyakwenza njengami : aniyikumboza amade vu enu , ningadli isinkwa sabantu. 23 Izigqoko zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo ezinyaweni zenu ; aniyikudabuka, ningakhali, kepha niyakonda ebubini benu , nibubulelane omunye nomunye. 24 UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini ; niyakwenza njengakho konk e ukwenza kwakhe ; lapho kufikile lokhu , niyakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova. 25 Wena ndodana yomuntu, angithi kuyakwenzeka mhla ngisusa inqaba yabo, intokozo nobuhle babo , okunxanelekayo emehlweni abo , nababeke umphefumulo wabo kukho, amadodana abo namadodakazi abo, 26 ngalolo suku obalekayo uyakufika kuwe , akuzwise lokhu ngezindlebe zakho, na? 27 Ngalolo suku umlomo wakho uyakuvulwa kobalekileyo; wena uyakukhuluma, ungabe usaba yisimungulu ; uyakuba yisibonakaliso kubo , bazi ukuthi nginguJehova.