NgokukaMathewu Chapter 4
1
Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.
2
Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.
3
Kwafika umlingi, wathi kuye: Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.
4
Kepha waph endula wathi : Kulotshiwe ukuthi : Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.
5
Khona uSathane wamthatha , wamyisa emzini ongcwele , wammisa esiqongweni sethempeli,
6
wathi kuye : Uma uyiNdodana kaNkulunkulu , ziphonse phansi ; ngokuba kulotshiwe ukuthi : Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe , zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.
7
UJesu wathi kuye: Kulotshiwe futhi ukuthi: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.
8
USathane wabuye wamyisa entabe ni ende kakhulu , wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;
9
wathi kuye : Konke lokhu ngizakukunika khona , uma uziwisa phansi , ukhuleke kimi.
10
Khona uJesu wathi kuye : Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi : Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.
11
USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. UJesu uqala ukusebenza eGalile. Ukubizwa kwabafundi (Mark. 1:14; Luk. 5:1)
12
Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile.
13
Wasuka eNazaretha , weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali
14
ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:
15
Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetal i ngaselwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe,
16
isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu , nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.
17
Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi : Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.
18
UJesu ehamba ngaselwandle lwase Galile wabona izelamani ezimbili , uSimoni othiwa uPetru no -Andreya umfowabo , bephonsa inetha elwandle ; ngokuba babe ngabadobi.
19
Wayesethi kubo: Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.
20
Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
21
Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili , uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise , belungisa amanetha abo; wababiza.
22
Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
23
UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo , eshumayela ivangeli lombuso , ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.
24
Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya ; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu , nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.
25
Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile , naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.