Skip to Content

NgokukaMathewu Chapter 5

1 Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye. 2 Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi: 3 Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. 4 Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa. 5 Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. 6 Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. 7 Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. 8 Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo , ngokuba bayakubona uNkulunkulu. 9 Babusisiwe abalamulayo , ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. 10 Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga , ngokuba umbuso wezulu ungowabo. 11 Nibusisiwe, nxa benithuka , benizingela, bekhuluma konke okubi ngani , beqamba amanga ngenxa yami. 12 Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini ; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo. 13 Nina ningusawoti womhlaba , kepha uma usawoti edumele , ubusawoti bovuswa ngani na ? Akasasizi lutho , kuphela ukulahlwa ngaphandle , anyathelwe ngabantu. 14 Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. 15 Nomuntu kasokheli isibani , asibeke phansi kwesitsha , kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. 16 Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini. 17 Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi ; angizanga ukuchitha , ngize ukugcwalisa. 18 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini : Kuze kudlule izulu nomhlaba , akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. 19 Ngakho-ke oweqa owodwa kule m iyalo emincinyane , afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu ; kepha oyigcinayo , ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu. 20 Ngokuba ngithi kini : Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu. 21 Nizwile kwathiwa kwabasendulo: U ngabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa. 22 Kepha mina ngithi kini : Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi : S ilima, uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi : S iwula, uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo. 23 Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e -altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe, 24 shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho. 25 Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni , funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. 26 Ngiqinisile ngithi kuwe : Kawusoze waphuma khona , uze ukhiphe ifadingi lokugcina. 27 Nizwile kwathiwa: Ungaphingi. 28 Kepha mina ngithi kini : Yilowo nalowo obuka owesifazane , amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe. 29 Uma iso lakho lokunene likukhubekisa , likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe s inye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. 30 Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa , sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. 31 Kwathiwa: Yilowo nalowo olahla umkakhe kamnike incwadi yesahlukaniso. 32 Kepha mina ngithi kini : Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga. 33 Nizwile futhi kwathiwa kwabasendulo : Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini. 34 Kepha mina ngithi kini : Ningafungi nakanye , noma izulu , ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, 35 noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe , noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu. 36 Ungafungi nekhanda lakho , ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama. 37 Kepha izwi lenu malibe ngokuthi : Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi. 38 Nizwile kwathiwa: Iso ngeso, izinyo ngezinyo. 39 Kepha mina ngithi kini : Ningamelani nokubi , kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. 40 Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi. 41 Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela libe linye , hamba naye abe mabili. 42 Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe. 43 Nizwile kwathiwa: Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho. 44 Kepha mina ngithi kini : Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo 45 ukuba nibe ngabant wana bakaYihlo osezulwini ; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle , anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile. 46 Ngokuba uma nithanda abanithandayo , ninamvuzo muni na ? Abenzi njalo nabathelisi na? 47 Futhi uma nibingelela abafowenu b odwa, nenza lukhulu luni na ? Abenzi njalo nabezizwe na? 48 Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo , njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.