NgokukaMathewu Chapter 3
1
Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi:
2
Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!
3
Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi u-Isaya, ethi: Izwi lomemezayo ehlane, lithi: Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.
4
Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle.
5
Khona kwaphumela kuye iJerusalema , neJudiya lonke , nezwe lonke laseJordani,
6
babhapathizwa nguye emfuleni iJordani bevuma izono zabo.
7
Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo : Nzalo yezinyoka , ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?
8
Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.
9
Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi : S inobaba u - Abrahama; ngokuba ngithi kini : UNkulunkulu angamvusela u -Abrahama abantwana kulawa matshe.
10
Izembe selibekiwe empandeni yemithi ; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.
11
Mina nginibhapathiza ngamanzi , kube ngukuphenduka ; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe ; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,
12
ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe ; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo. Ukubhapathizwa kukaJesu (Mark. 1:9; Luk. 3:21)
13
Khona uJesu evela eGalile wafika kuJohane eJordani ukuba azobhapathizwa nguye.
14
Kepha uJohane wamalela wathi : Yimi engiswela ukubhapathizwa nguwe ; wena uza kimi na?
15
UJesu waphendula , wathi kuye : Vuma kalokhu , ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke. Khona wayesemvumela.
16
UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane e manzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe.
17
Bheka, kwavela izwi ezulwini , lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.