Skip to Content

AmaHubo Chapter 121

1 Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na? 2 Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba. 3 Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele ; okulondolozayo akayikozela. 4 Bheka, olonda u-Israyeli akozeli, akalali. 5 UJehova ungumlondi wakho ; uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene. 6 Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku. 7 UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke ; uyakulonda umphefumulo wakho. 8 UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakh o kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.