Skip to Content

AmaHubo Chapter 120

1 Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula. 2 Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso. 3 Uyakuvuzwa ngani, uyakwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso, na? 4 Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle omlilo. 5 Maye kimi ! Ngokuba ngigogobele kwaMesheke , ngihlezi ematendeni akwaKedari. 6 Umphefumulo wami sekukade wahlala naye ozonda ukuthula. 7 Ngingowokuthula; kepha uma ngikhuluma, bangabalwayo.