Skip to Content

AbAhluleli Chapter 11

1 UJefta wakwaGileyadi wayeyiqhawe elinamandla; wayeyindodana yesifebe; uGileyadi wamzala uJefta. 2 UmkaGileyadi wamzalela amadodana ; esekhulile amadodana omkakhe amxosha uJefta , athi kuye : Awuyikulidla ifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye owesifazane. 3 UJefta wabalekela abafowabo , wahlala ezweni laseThobi ; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye. 4 Kwathi emva kwesikhashana abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli. 5 Bathi abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya amlanda uJefta ezweni laseThobi. 6 Athi kuJefta: Woza ube ngumholi wethu, silwe nabantwana bakwa-Amoni. 7 UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi : Aningizondanga yini , nangixosha endlini kababa na? Nizelani kimi manje nisekuhluphekeni na? 8 Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: Sibuyele kuwe manje ngalokhu ukuba uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa -Amoni, ube yinhloko phezu kwabo bonke abakhe kwaGileyadi. 9 Wayesethi uJefta kumalunga akwaGileyadi : Uma ningibuyi sa ukulwa nabantwana bakwa -Amoni, uJehova abanikele phambi kwami , ngiyakuba yinhloko yenu. 10 Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta : UJehova makabe ngufakazi wethu ; impela siyakwenza njengezwi lakho. 11 UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi ; abantu bamenza inhloko nomholi phezu kwabo ; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa. 12 UJefta wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa -Amoni, wathi: Unamsebenzi muni nami ukuba uze kimi ukulwa nezwe lakithi na? 13 Inkosi yabantwana bakwa -Amoni yath i kuzo izithunywa zikaJefta : Ngokuba u-Israyeli walithatha izwe lakithi ekukhuphukeni kwakhe eGibithe , kusukela e -Arinoni kuze kube seJaboki naseJordani , buyisani lawo mazwe ngokuthula. 14 UJefta wabuye wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni, 15 wathi kuyo : Usho kanje uJefta , uthi: U-Israyeli akathathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni. 16 Ngokuba ekukhuphukeni kwabo eGibithe , u-Israyeli ehamba ehlane waze wafika eLwandle Olubomvu, wafika naseKadeshi, 17 u-Israyeli wathuma izithunyw a enkosini yakwa -Edomi, wathi: Ake ngidabule izwe lakho ; kepha inkosi yakwa -Edomi ayilalelanga ; nasenkosini yakwaMowabi wathuma kanjalo ; kepha ayivumanga; u-Israyeli wayesehlala eKadeshi. 18 Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi , wamisa ngaphesheya kwe - Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi , ngokuba i - Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi. 19 U-Israyeli wayesethuma izithunywa kuSihoni inkosi yama -Amori, inkosi yaseHeshiboni; u-Israyeli wathi kuye: Ake sidabule izwe lakho, siye endaweni yethu. 20 Kodwa uSihoni akamethembanga u -Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe; kepha uSihoni wabutha bonke abantu bak he, wamisa eJahasi, walwa no-Israyeli. 21 UJehova uNkulunkulu ka -Israyeli wan ikela uSihoni nabo bonke abantu bakhe esandleni sakwa -Israyeli, bababulala; u-Israyeli wadla izwe lonke lama-Amori, abantu balelo zwe. 22 Badla izwe lonke lama -Amori, kusukela e -Arinoni kuze kube seJakobi , kusukela ehlane kuze kube seJordani. 23 Manje uJeh ova uNkulunkulu ka -Israyeli uwaxoshile ama -Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli; wena uyakulidla izwe na? 24 Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova , uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu , siyalidla elabo. 25 Pho, ungcono yini kunoBalaki indodana kaSipori , inkosi yakwaMowabi , na? Wake waphikisana no-Israyeli, wake walwa nabo na? 26 U-Israyeli esahlala eHeshiboni nasemizaneni yalo , nase-Aroweri nasemizaneni yalo , nasemizini yonke engaseceleni kwe -Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu, anisaphucanga ngani yona ngaleso sikhathi na? 27 Mina angikonanga, kepha wena wenza okubi kimi ngokulwa nami; uJehova uMahluleli makahlulele namuhla phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli nabantwana bakwa-Amoni. 28 Kodwa ink osi yabantwana bakwa -Amoni ayilalelanga amazwi kaJefta awathuma kuyo. 29 Khona uMoya kaJehova wafika kuJefta , wadlula kwaGileyadi nakwaManase, wadlula naseMispa lakwaGileyadi ; esuka eMispa lakwaGileyadi wadlulela kubantwana bakwa-Amoni. 30 UJefta wenza isith embiso kuJehova , wathi: Uma uyakunikela impela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami, 31 kuyakuthi noma yikuphi okuphuma eminyango yendlu yami ukungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantwana bakwa -Amoni, kube ngokukaJehova, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa. 32 UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa -Amoni ukulwa nabo ; uJehova wabanikela esandleni sakhe. 33 Wababulala kusukela e -Aroweri kuze kufike eMiniti , imizi engamashumi amabili, nase-Abela Keramimi ngokuceka okukhulu kakhulu . Kanjalo abantwana bakwa-Amoni banqotshwa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. Indodakazi kaJefta 34 UJefta weza eMispa endlini yakhe ; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina ; yayingumntwana oyedwa ; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi. 35 Kwathi lapho eyibona , waklebhula izingubo zakhe , wathi: Hawu, mntanami, ungithobisile kakhulu , ungomunye wabangihluphayo , ngokuba ngivulile umlomo kuJehova, angisenakubuya. 36 Wathi kuye : Baba, uvulile umlomo wakho kuJehova ; yenza kimi njengokuphumileyo emlonyeni wakho, lokhu uJehova ekuphindisele ezitheni zakho, abantwana bakwa-Amoni. 37 Yathi kuyise: Mangenzelwe lokhu: ngiyeke izinyanga ezimbili ukuba ngiye , ngehlele ezintabeni, ngililele ubuntombi bami, mina nabangane bami. 38 Wathi: Hamba. Wayimukisa izinyanga ezimbili ; yamuka yona nabangane bayo, yalilela ubuntombi bayo ezintabeni. 39 Kwathi ngasekupheleni kwezinyanga ezimbili , yabuyela kuyise owenza kuyo njengokwesithembiso sakhe asethembisileyo; ayiyazanga indoda. 40 Kwaba yisimiso kwa -Israyeli ukuba amadodakazi akwa-Israyeli aye yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyad i izinsuku ezine ngomnyaka.