Skip to Content

AbAhluleli Chapter 10

1 Emva kuka-Abimeleki kwavela uThola indodana kaPhuwa kaDodo , umuntu wakwa-Isakare, ukuba asindise u -Israyeli; wayehlala eShamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi. 2 Wamahlulela u -Israyeli iminyaka engamashumi amabili nantathu , wafa, wembelwa eShamiri. 3 Emva kwakhe kwavela uJayire wakwaGileyadi , wamahlulela u -Israyeli iminyaka engamashumi amabili nambili. 4 Wayenamadodana angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi amathathu ; ayenemizi engamashumi amathathu ethiwa iHavoti Jayire kuze kube namuhla, esezweni lakwaGileyadi. 5 UJayire wafa, wembelwa eKhamoni. Abakwa-Israyeli babuyela esandleni sezitha zabo 6 Abantwana bakwa -Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova , babakhonza oBali , no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base -Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni , nawonkulunkulu bakwaMowabi , nawonkulunkulu babantwana bakwa -Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti , bamshiya uJehova, kabamkhonza. 7 Intukuthelo kaJehova yamvuthela u -Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni. 8 Bakhathaza, bacindezela abantwana bakwa -Israyeli ngalowo mnyaka ; iminyaka eyishumi nesishiyagalombili babacinde zela bonke abantwana bakwa-Israyeli ababengaphesheya kweJordani ezweni lama -Amori elikwaGileyadi. 9 Abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuba balwe noJuda noBenjamini nendlu yakwa-Efrayimi; u-Israyeli wantula kakhulu. 10 Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali. 11 UJehova wathi kubantwana bakwa -Israyeli: Anginisindisanga yini kubo abaseGibithe, nakuwo ama-Amori, nakubo abantwana bakwa-Amoni, nakuwo amaFilisti, na? 12 Nacindezelwa ngam aSidoni, nama-Amaleki, namaMahoni, nakhala kimi , nganisindisa esandleni sawo. 13 Nokho ningishiyile , nakhonza abanye onkulunkulu ; ngalokho angisayikunisindisa. 14 Hambani nikhale konkulunkulu enibakhethileyo ; mabanisindise ngesikhathi sosizi lwenu. 15 Abantwana bakwa -Israyeli bathi kuJehova : Sonile; yenza kithi okuthandayo; kepha ake usophule kuphela namuhla. 16 Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo , bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli. 17 Kwabuthwa aba ntwana bakwa -Amoni, bamisa kwaGileyadi . Kepha abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa. 18 Abantu, izikhulu zakwaGileyadi , bathi omunye komunye : Ngumuphi umuntu oyakuqala ukulwa nabantwana bakwa -Amoni na ? Yena uyakuba yinhloko yabo bonke abakhe kwaGileyadi.