AbAhluleli Chapter 12
1
Amadoda akwa -Efrayimi abuthana , aya ngasenyakatho ; athi kuJefta : Uwelelani ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? Siyakushisa ngomlilo indlu yakho phezu kwakho.
2
UJefta wathi kubo: Mina nabantu bami sasilwa kakhulu nabantwana bakwa- Amoni; nganibiza, aningisindisanga esandleni sabo.
3
Nxa sengibonile ukuthi aningisindisanga, ngabeka ukuphila kwami esandleni sami , ngadlulela kubantwana bakwa -Amoni, uJehova wabanikela esandleni sami; ngalokho nikhuphukeleni kimi namuhla ukulwa nami na?
4
UJefta wayesebutha bonke abantu bakwaGileyadi , walwa no -Efrayimi; abantu b akwaGileyadi bamahlula u -Efrayimi, ngokuba bathi : Ningababalekileyo bakwa-Efrayimi nina bakwaGileyadi phakathi kwabakwa - Efrayimi naphakathi kwabakwaManase.
5
AbakwaGileyadi bavimba amazibuko aseJordani phambi kwabakwa - Efrayimi; kwathi lapho ababalekileyo ba kwa-Efrayimi bethi : Mangiwele, abantu bakwaGileyadi bathi kuye: Ungowakwa-Efrayimi na? Uma ethi: Cha,
6
bathi kuye : Shono uthi : S hiboleti, abesethi: Siboleti, ngokuba engaqaphelanga ukuliphimisa kahle ; base bembamba , bambulala ngasemazibukweni aseJordani ; kwawa ngaleso sikhathi abakwa -Efrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili. Ukufa kukaJefta
7
UJefta wamahlulela u -Israyeli iminyaka eyisithupha . Wafa uJefta wakwaGileyadi, wambelwa komunye wemizi yakwaGileyadi. O-Ibisani, no-Eloni, no-Abidoni
8
Emva kwakhe u-Ibisani waseBetlehema wahlulela u-Israyeli.
9
Wayenamadodana angamashumi amathathu ; amadodakazi angamashumi amathathu wawendisa , wathathela amadodana akhe izintombi ezingamashumi amathathu. Wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisikhombisa.
10
U-Ibisani wafa, wembelwa eBetlehema.
11
Emva kwakhe u-Eloni wakwaZebuloni wahlulela u-Israyeli; wamahlulela u- Israyeli iminyaka eyishumi.
12
U-Eloni wakwaZebuloni wafa, wembelwa e-Ajaloni ezweni lakwaZebuloni.
13
Emva kwakhe u -Abidoni indodana kaHileli wasePirathoni wahlulela u - Israyeli.
14
Wayenamadodana angamashumi amane namadodana amadodana akhe angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi ayisikhombisa; wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili.
15
U-Abidoni indodana kaHileli wasePir athoni wafa , wembelwa ePirathoni ezweni lakwa-Efrayimi ezintabeni zama-Amaleki.