Kwathi ngasekupheleni komnyaka impi yase -Aramu yakhuphukela kuye , yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathuma yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku.
Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke , ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe , yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga,