UJehova walizwa izwi lika -Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila.
Unina womntwana wathi : Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Wayesesuka wamlandela.
Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami , umphefumulo kayise njengomphefumulo womntwana; ingeyami; umphefumulo owonayo uyakufa.
Bamhleka usulu . Kepha yena wabakhipha bonke , wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye , wangena lapho kulele khona umntwana.
Uyise womntwana wayesememeza masinyane , wathi: Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.