Wabafulathela, wakhala; wabuye waphendukela kubo , wakhuluma nabo ; wayesemsusa uSimeyoni phakathi kwabo, wambopha phambi kwamehlo abo.
Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi : Naningilethela iminikelo nemihlatshel o iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na?