UGenesise Chapter 42
1
UJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe , uJakobe wathi emadodaneni akhe: Nibukanelani na?
2
Wathi: Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe ; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.
3
Base behla abafowabo bakaJosefa abayishumi , baya kuthenga amabele eGibithe.
4
Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: Angahle ehlelwe ngokubi.
5
Ayesefika amadodana ka -Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ab abefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani.
6
UJosefa wayengumbusi ezweni ; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.
7
UJosefa wabona abafowabo , wabazi, kepha wazishaya ongabaziyo kubo , wakhuluma kalukhuni kubo, wathi kubo: Nivelaphi na? Bathi: Sivela ezweni laseKhanani, size ukuthenga ukudla.
8
UJosefa wabazi abafowabo, kepha bona abamazanga.
9
UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo , wathi kubo : Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.
10
Bathi kuye: Qha, nkosi, izinceku zakho zize ukuba zithenge ukudla.
11
Sonke singamadodana andodanye ; singabantu abaqotho ; izinceku zakho aziyizo izinhloli.
12
Wathi kubo: Qhabo, nize ukubona ubuze bezwe.
13
Base bethi kuye : Thina zinceku zakho ziy izelamani eziyishumi nambili , amadodana andodanye ezweni laseKhanani ; bheka, encane ikubaba manje , enye ayisekho.
14
UJosefa wathi kubo: Yikho lokhu engikushilo kini ukuthi niyizinhloli.
15
Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha.
16
Thumani omunye wenu , amlande umfowenu ; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini ; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.
17
Wababutha bonke ukuba balindwe izinsuku ezintathu.
18
Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu : Yenzani lokhu , niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.
19
Uma ningabaqotho, makuboshwe omunye wabafowenu endlini yokulindwa kwenu, kepha hambani nina, nibuyele namabele endlala yezindlu zenu,
20
nilethe umfowenu omncan e kimi , kuqiniswe amazwi enu , nize ningafi . Benze njalo.
21
Base bethi omunye komunye : Impela sitholile icala ngomfowethu , njengokuba sabona usizi lwenhliziyo yakhe, esincenga, kasamlalela; ngalokho lolu sizi selufike phezu kwethu.
22
URubeni wabaphendula w athi: Angikhulumanga yini kini ukuthi : Ningamoni umfana, kanangilalela, na? Bhekani, ngalokho seliyabizwa igazi lakhe.
23
Babengazi ukuthi uJosefa uyabezwa , ngokuba kwakukhona ihumusha phakathi kwabo.
24
Wabafulathela, wakhala; wabuye waphendukela kubo , wakhuluma nabo ; wayesemsusa uSimeyoni phakathi kwabo, wambopha phambi kwamehlo abo.
25
UJosefa wayeseyala ukuba amasaka abo agcwaliswe ngamabele , kubuyiselwe imali yalowo nalowo esakeni lakhe , baphiwe umphako endleleni; kwenziwa njalo kubo.
26
Base bethwesa izimbongolo zabo ngamabele abo, bamuka khona.
27
Kwathi omunye evula isaka lakhe ukuba ayinike imbongolo yakhe ukudla endlini yezihambi , wabona imali yakhe ; bheka, yayisemlonyeni wesaka lakhe.
28
Wayesethi kubafowabo : Imali yami ibuyiselwe ; bhekani, isesakeni la mi. Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela , bethi: Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?
29
Bafika-ke kuJakobe uyise ezweni laseKhanani , bamtshela konke okubehleleyo, bathi:
30
Lowo muntu , inkosi yezwe , ukhulume kalukhuni kithina , wasishaya izinhloli zezwe.
31
Sase sithi kuye: Singabaqotho; asiyizo izinhloli;
32
siyizelamani eziyishumi nambili, amadodana kababa ; enye ayisekho , encane ikubaba ezweni laseKhanani manje.
33
Lowo muntu, inkosi yezwe, wayesethi kithi: Ngalokhu ngiyokwazi ukuthi ningabaqotho: shiyani kimi omunye wabafowenu, niphathele indlala yezindlu zenu ukudla, nimuke,
34
nilethe kimi umfowenu omncane ; yikhona ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli kepha ningabaqotho, ngininike umfowenu, nihambe izwe.
35
Kwathi sebethulula amasaka abo, bheka, isikhwama semali salowo nalowo sasisesakeni lakhe ; lapho bona noyise bebona izikhwama zabo zemali , bashaywa luvalo.
36
UJakobe uyise wayesethi kubo : Niyangaphuca abantwana bami ; uJosefa akasekho, noSimeyoni kasekho; senizakuthatha noBenjamini; kuphezu kwami konke lokhu.
37
Wayesekhuluma uRubeni kuyise, ethi: Bulala amadodana ami omabili, uma ngingambuyiseli kuwe; mnikele esandleni sami, ngizakumbuyisela kuwe.
38
Wathi: Indodana yami ayiyikwehla nani , ngokuba umfowabo ufile , kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo , niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.