Wayesethi uJonadaba kuye: Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo; lapho eseza uyihlo ukukubona, uthi kuye: Ake kuze uTamari udadewethu , angiphe ukudla, akulungise ukudla emehlweni ami ukuba ngikubone , ngikudle esandleni sakhe.
UJowabe wayesethumela eThekhowa , walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: Ake uzishaye olilayo, ugqoke izingubo zokulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane os elilele ofileyo izinsuku eziningi,