Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa , kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.
Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa , avame; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.
Ngokuba onakho uyakuphiwa ; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.
Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani ; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa ; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho. Izihlobo eziyizo zikaJesu (Math. 12:46; Mark. 3:31)
Ngithi kini : Yilowo nalowo onakho uyakuphiwa , kepha ongenakho uyakwaphucwa nalokho anakho.
Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa , ongenakho angeyibone iNkosi;