Skip to Content

NgokukaMarku Chapter 4

1 Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle . Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu , waze wangena emkhunjini , wahlala elwandle ; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle. 2 Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe: 3 Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. 4 Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. 5 Enye yawela edwaleni , lapho yayingenamhla bathi omningi khona ; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. 6 Kwathi ukuba liphume ilanga , yahamuka; nangokuba ingenampande , yabuna. 7 Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo. 8 Enye yawela emhlabathini omuhle ; yahluma, yakhula, yathela isithelo , yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu. 9 Wayesethi: Onezindlebe zokuzwa makezwe. 10 Lapho esengasesitha , ababe naye kanye nabayishumi nambili bambuza ngale mifanekiso. 11 Wathi kubo : Nina niphiwe i mfihlakalo yombuso kaNkulunkulu , kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso, 12 ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe. 13 Wayesethi kubo : Aniwazi lo mfanekiso ; pho, niyakuyazi kanjani yonke imifanekiso na? 14 Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. 15 Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi , nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo. 16 Kanjalo abahlwanyelwe edwaleni yilabo abathi sebelizwile izwi , balamukele masinyane ngokuthokoza; 17 kepha kabanampande phakathi kwabo , kodwa bahlala isikhashana nje , kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi , bakhubeke masinyane. 18 Abanye bangabahlwanyelwe emeveni; yibo abalizwile izwi, 19 kepha iminako yal esi sikhathi , nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe ngelingatheliyo. 20 Nabahlwanyelwe emhlabathini omuhle yilabo abalizwa izwi , balamukele, bathele isithelo ngamashumi amathathu , nangamashumi ayisithupha , nangekhulu. 21 Wayesethi kubo : Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na? 22 Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlalukiswa; akukho okuyisifuba okungayikuba sobala. 23 Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe. 24 Wayesethi kubo : Qaphelani enikuzwayo ; ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina. 25 Ngokuba onakho uyakuphiwa ; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. 26 Wayesethi: Unjalo umbuso kaNkulunkulu ; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini, 27 alale, avuke ubusuku nemini, imibewu imile, ikhule, engazi ukuthi kanjani. 28 Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo , kuqala ikhaba , khona isikhwebu , besekuba yizinhlamvu ezipheleleyo esikhwetshini. 29 Nxa sesivuthiwe i sithelo, afake masinyane isikela , ngokuba ukuvuna sekufikile. 30 Wathi futhi : Siyakuwufanisa nani umbuso kaNkulunkulu ? Siyakuwuchaza ngamfanekiso muni na? 31 Unjengenhlamvu yesinaphi ethi , nxa ihlwanyelwe emhlabathini , incinyane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni, 32 kodwa nxa isihlwanyelwe imila ibe nkulu kunazo zonke izilimo , ixhante amagatsha amakhulu, ukuze izinyoni zezulu zakhele emthunzini wawo. 33 Walikhuluma izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo njengamandla abo okuzwa; 34 kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo ; kepha sebebodwa wabachasisela abafundi bakhe konke. Ukuthuliswa kwesivunguvungu (Math. 8:23; Luk. 8:22) 35 Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: Asiwele siye ngaphesheya. 36 Base bemukisa isixuku , bahamba naye, njengalokho ebesemkhunjini ; kwakukhona neminye imikhumbi ihambisana naye. 37 Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya , amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala. 38 Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na? 39 Wayesevuka, wakhuza umoya , wathi kulo ulwandle : Thula, uthi du . Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu. 40 Wathi kubo : Yini ukuba nesabe kangaka na ? Yini ukuba ningabi nakukholwa na? 41 Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: Kanti lo ungubani , lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?