Inkosi yambabaza umphathi ongalungile ngokuthi wenze ngokuhlakanipha, ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.
Nami ngithi kini : Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona ongalungile , ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade.
Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu ; ongalungile kokuncinyane kalungile nakokukhulu.
Ngakho uma beningathembeki kokukaMamona ongalungile , ubani oyakuniphathisa okuyikhonakhona na?
Yayisithi iNkosi: Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile.
Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe , lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza. Mabafane nawokhokho ababambelela esithenjisweni
Ongalungile makenze njalo okungalungile , nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.